
Kubulawe umndeni wamalungu ayisikhombisa endaweni yaseNewtown, eNewark ogwini olusenyakatho neKwaZulu-Natal.
Iminyaka yezisulu iphakathi kweko-20 ubudala kuaya kweko-80 ubudala kanti ngabantu besifazane abane nabesilisa abathathu.
Izidumbu zitholwe zilahlwe endaweni eyihlane eMelmoth ngoLwesine ekuseni.
OLUNYE UDABA: Kubulawe abantu abahlanu besolwa ngokuthakatha
Zonke izidumbu bezinamanxeba okudutshulwa nokugwazwa.
Sekuboshwe abantu abathathu ngokubandakanyeka esigamekweni sokubulala kulandela ukuba betholwe namaselula amabili ezisulu.
Amaphoyisa aphinde athola nesibhamu okukholakala ukuthi yiso esisebenzile ngesikhathi sesigameko.
