
I-National Prosecuting Authority (NPA), igculisekile ngesigwebo sikadilikajele neminyaka engu-5 esitholwe ngowesifazane oneminyaka engu-28 ubudala, eNkantolo yesiFunda eMadadeni ngemuva kokuvuma icala ngaphansi kuka-Section 112 of the Criminal Procedure Act, lokudlwengula nokubukisa umfowabo owayeneminyaka engu-8 ubudala imifanekiso yocansi endaweni yasoSizweni.
Isisulu nommangalewa bayizelamani futhi bebehlala ekhaya elilodwa nomama wabo. Phakathi konyaka ka-2022 no-2024 isisulu sasisele nommangalelwa bebodwa, ummangalewa wadlwengula isisulu izikhawu. Wamkhombisa imifanekiso yocansi wamsabisa ngokuthi angatsheli muntu.
Indaba ivele ngonyaka ka-2024 ngemuva kokuthi isisulu sasithamele isithangami esikoleni lapho okwakufundiswa khona ukuthi abafundi kufanele babike uma kukhona obathinte izitho zangasese.
OLUNYE UDABA:Ugwetshwe odilikajele abayishumi ebhadle ejele umfundisi waseNquthu ngawokudlwengula izingane zamantombazane
Isisulu sagqugquzeleka ukuthi sibike udaba kumama waso. Isisulu shanjiswa eMadadeni Thuthuzela Care Centre(TCC) sayothola usizo lwezempilo nengqondo. Kwabikelwa amaphoyisa kwase kuboshwa ummangalewa.
UMshushisi uZama Zikalala ekhonga isigwebo esiqinile, ugcizelele ukuthi ummangalewa wasebenzisa kabi ukwethenjwa kwakhe njengodadewabo wesisulu omdala. Umama wesisulu wethule ubufakazi echaza ngendlela indodana yakhe ephazamiseke ngayo. Ummangalewa ugwetshwe iminyaka emihlanu ngokuvezela isisulu izithombe zocansi nodilikajle ngecala lokudlwengula. Igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.
I-NPA iyasemukela isigwebo. Ukulwa nesihlava sodlame lobulili ikakhulukazi oluthinta izingane, kuseqhulwini. Ukwandiswa kwesibalo sezikhungo zakwaThuthuzela Care Centre ezweni
njengoba zazingu-55 ngo-2020/2021 zayofinyelela kwezingu-66 kunomthelela omkhulu empini yodlame lobulili.
