Mkhwanazi – Bekungelula ukuthatha isinqumo sokuhola ihlandla lesibili

Ukuvuselelwa kwenkontileka okusemthethweni kugunyazwe yiKhomishana Kazwelonke uJenene Fannie Masemola kulandela ukubonisana noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli.

UKhomishana kaZwelonke wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika, uGeneral Fannie Masemola, uhlangane nabaphathi besifundazwe samaphoyisa KwaZulu-Natal ngeSonto ntambama.

UGeneral Masemola uqale wahlangana noNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli ethula ngokusemthethweni uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi njengoKhomishana wesiFundazwe saKwaZulu-Natal ukuba aqhubeke ahole amaphoyisa aseKZN eminye iminyaka emihlanu.

OLUNYE UDABA: UNtuli usekela uMkhwanazi ngokuthi aqhubeke nokuhola amaphoyisa eKZN

Ngesikhathi emukela elinye ihlandla lokuhola amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal, uLieutenant General Mkhwanazi uthe: “Ngiyabonga Khomishana Kazwelonke ngokungithemba. Kwakungesona isinqumo esilula kimi ngoba ngangivumelene nomndeni wami ukuthi ngizosebenza ihlandla elilodwa kuphela. Uhlelo kwakuwukuya eholidini kusukela ngomhlaka-1 ku-April kodwa kuthe uKhomishana Kazwelonke egcizelela ukubaluleka kokusebenzela abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abahlala KwaZulu-Natal, ngacabanga kabusha ngabe sengivuma ukuze ngisebenzele isizwe. Kubalingani bami, ngilindele ukubambisana okuphelele nokusekelwa. Izinhloso zihlale zifana; ukunciphisa ubugebengu, ukuthola i-Clean Audit nokuqinisekisa ukuthi amakhasimende ethu agculisekile ngomsebenzi wethu kubona”, kusho uLieutenant General Mkhwanazi.

Okhulumela amaphoyisa kazwelonke u-Athlenda Mathe uthi uMasemola uncome uMkhwanazi ngobuholi bakhe, futhi waphawula ukuthi ukwelulwa kwenkontileka kuhlose ukuqinisekisa ukuqhubeka kwemisebenzi yamaphoyisa.