
Indoda eneminyaka engu-33 ubudala igwetshwe iminyaka engu-25 ibhadle ejele ngokubulala unkosikazi wayo e-Alexandra.
UNjabulo Zuma uvele eNkantolo yePhakeme yaseJohannesburg ngoMsombuluko, lapho agwetshwe khona.
uZuma wabulala inkosikazi yakhe eneminyaka engu-35 ubudala, uNobuhle Langa, ngoMarch 2023. Wagwetshwa iminyaka eyishumi ngokuzama ukubulala udadewabo kamufi, amdubula izikhawu eziningi.
OLUNYE UDABA: Udilikajele kowabulala intombi yakhe
Enye yezinhlamvu yabhajwa esweni, yamshiya engenalo iso.
UZuma waboshwa eMsinga KwaZulu-Natal kulandela umkhankaso wamaphoyisa wokusebenza ngobuhlakani uholwa uSayitsheni uSello Malahlela wasesiteshini samaphoyisa ase-Alexandra ngemuva kokubaleka eGauteng.
Ngemuva kokuboshwa kwakhe, uZuma wavuma icala ku-Colonel Moselankwe, ukuthi ngosuku lwesigameko, wayecwile ezinkambini zikaFaro njengoba ayephuza endaweni yokucima ukoma.
Ngesikhathi uZuma efika ekhaya, kwaqubuka ingxabano wadubula uNobuhle emsola ngokuphinga. Waqhuba ngokuthi nguye owadubula udadewabo kankosikazi wakhe emsolwa ngokuthi nguye ombangela amashwa ahlobene nokuphuphunyelwa yizingane.
