Kuxwayiswe izakhamuzi ngokuthenga ukudla okungenayo i-expiry date

Izakhamuzi zaseMngeni zixwayiswe ngokuthenga ukudla okungakhombisi ngokucacile izinsuku zokuphelelwa yisikhathi noma okubala izithako, ikakhulukazi izinto ezithengiswa ezitolo ezinkulu zasendaweni.

Lesi sixwayiso siza ngemuva kokuba iphini likaMeya waseMngeni uSandile Mnikathi lihole umkhankaso wokuhlola ohlose ukuthola amabhizinisi angalandeli imithetho ngoLwesithathu.

UMnikathi, ehambisana nophiko lokuthuthukiswa komnotho wendawo kamasipala, uMnyango wezeMpilo kwezeMvelo kaMasipala wesiFunda saseMgungundlovu, amaphoyisa ophiko lwe-SAPS eHowick kanye nezikhulu zezomgwaqo eMngeni, baphume bengena ezitolo ezinkulu eziselokishini iSphumelele eHowick.

Zonke izitolo okungenwe kuzo ngezabantu bakwamanye amazwe.

OLUNYE UDABA: Umndeni womfana oguliswe ukudla ama-snacks athengwa espaza uvule icala

Ngesikhathi kuqhutshwa umsebenzi, izikhulu zithole ukudla okufana nenyama nopolony ongabhaliwe usuku lokuphelelwa yisikhathi kanti omunye upolony ubusupakishwe kabusha koplastiki abancane ukuze udayiswe ngabo.

“Iningi lezitolo selibanjwe kaningi ngecala elilodwa lokungayilandeli imithetho nezixwayiso zangaphambilini,” kusho uMnikathi.

UMnikathi uphinde waveza ukukhathazeka ngezakhiwo ezingekho emthethweni, ethi ezinye izakhamuzi zivumela abanikazi bezitolo ukuba bakhe ezindaweni zabo ngaphandle kwezinhlelo zokwakha ezivunwe ngumasipala.

Wangeze ngokuthi izakhamuzi eziningi sezibike ubunzima ekususeni abanikazi bezitolo ezindaweni zazo.

The Witness