
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana noMdabu KwaZulu-Natal, uqinisekisa ukuthi umsebenzi wokufuna nokubuyisa imizimba eMsinga usuphelile ngemuva kokutholakala kwesisulu sesithupha ngoMsombuluko wangomhlaka-16 March 2026.
Isidumbu sowesilisa sitholakale endaweni yaseMakhabeleni ngaphansi koMasipala weNdawo waseMvoti. Ngenxa yokuhlala isikhathi eside emanzini, kuzokwenziwa inqubo yolibofuzo ngokusemthethweni ukuqinisekisa ukuhlonza okuqinisekiwe.
OLUNYE UDABA: Kutholakale isidumbu sesihlanu eMsinga
Umsebenzi wokufunwa kwazo zonke izisulu kuthathe izinsuku ezingu-12 ngemuva kokwenzeka kwesigameko ebhulohweni lase-Imfunebude ku-P17 eNadi, eMsinga lapho kwakhukhuleka khona abantu abayisithupha besemotweni ngesikhathi bezama ukuwela ibhuloho eliphansi.
UNgqongqoshe wakwa-COGTA, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, udlulisele ukubonga kwakhe umathimba ezimo eziphuthumayo okubalwa kuwo i-SAPS Search and Rescue kanye ne-Disaster Management Unit avela eMsinga naseMvoti.
UNgqongqoshe uphinde wabonga ukubambisana nokubekezela okukhombiswe umphakathi wendawo kule sikhathi.
UNgqongqoshe udlulise amazwi enduduzo emindenini ethintekile njengoba bebhekana nomthelela walesi sigameko.


