Indodana kaMugabe ilaxaze isicelo sebheyili

Indodana kaMengameli waseZimbabwe ongasekho emhlabeni uRobert Mugabe, uBellarmine Chatunga Mugabe, kanye nalowo asolwa naye, uTobias Mugabe Matonhodze, baye balaxaze isicelo sebheyili bakhetha ukungena ezingxoxweni zokuvuma icala nombuso.

Kubikwa ukuthi udaba kulindeleke ukuthi lubuyele enkantolo ngomhlaka-17 March.

Laba bobabili bazoqhubeka nokuqgunywa esitokisini.

Laba bobabili bavele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra ngoLwesithathu ekuseni, lapho bekulindeleke ukuthi benze isicelo sebheyili esisemthethweni.

OLUNYE UDABA: Lihlehlile elibhekene nendodana kaMugabe

Icala ngaphambilini lahlehliswa enkantolo efanayo ngoLwesine olwedlule ngenxa yokuphazamiseka kukagesi.

UMugabe noMatonhodze babhekene namacala amaningana, okubalwa kuwo ukuzama ukubulala, ukuba nesibhamu nezinhlamvu, ukwephula imigomo yobulungiswa, ukweba, ukukhomba ngesibhamu, kanye nokuphula uMthetho wokuFuduka.

IOL