Bayavela enkantolo ababoshwe eNtuzuma

Kuboshwe ababsolwa ababili oneminyaka engu-21 ubudala noneminyaka engu-23 ubudala elokishini laseNtuzuma ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni  kanye nempahla okusolwa ukuthi yebiwe.

Amaphoyisa ophiko lweProvincial Task Team KwaZulu-Natal abeqhuba umsebenzi wawo ku-California Road eNtuzuma ngesikhathi ebona imoto yohlobo lwe-VW Polo engenayo inumber plate ihamba kuwo lo mgwaqo. Amaphoyisa ajika azama ukumisa imoto. Njengoba amalungu ekhombisa ukuthi imoto ime, abantu ababili ababesemotweni bakhetha ukungami bahamba ngemoto. Imoto yabasolwa ayikwazanga ukufika kude njengoba babanjwa ngamaphoyisa ngemuva kokujahwa isikhashana eCalifornia Road.

Abasolwa babe sebeseshwa batholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu zesibhamu ezingu-8 ezingekho emthethweni.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe osolwa ngokubulala 3 wabantu eMthwalume

Ukuhlolwa okusheshayo kwesibhamu kwembule ukuthi kubikwe ukuthi sebiwe esigamekweni sokuphanga emzini othile khona eNtuzuma ngoFebruary 2026. Kutholakale amaselula amahlanu abasolwa abangakwazanga ukuchaza ngawo.

Amaphoyisa abe esebabopha ngamacala okutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nempahla okusolwa ukuthi yebiwe. Amaphoyisa aphinde athatha imoto esetshenziswa abasolwa.

Abasolwa bazovela phambi kweNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma namuhla.