
Izipaza ezinaphezu kwezingu-18,000 kwezingu-81,000 ezibhalisiwe kuzwelonke sezinikezwe amalayisense okusebenza, kodwa izinkulungwane zisalinde imvume komasipala.
Ukuhamba kancane kohlelo lokukhishwa kwamalayisense okusebenza sekuyinkinga enkulu, njengoba abanikazi bezitolo ezincane abaningi bengakwazi ukuthola uxhaso, izibonelelo noma izinhlelo zokusekela ngaphandle kokubhaliswa ngokusemthethweni.
Ngokusho kukaSihlalo weKomidi Lezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane(Small Business Development Portfolio Committee) uMasefako Dikgale, omasipala nabo bayingxenye uokubambezeleka kwezinto.
OLUNYE UDABA: Umndeni womfana oguliswe ukudla ama-snacks athengwa espaza uvule icala
Ngesikhathi sokuhambela izipaza, ikomidi lithole ukuthi abanye omasipala basacubungula izicelo ngasinye ngasinye esandleni nokuyinto edala ukuba uhlelo lokukhishwa kwezimvume luhambe kancane kakhulu.
Uhulumeni manje ucubungula umthethosivivinywa omusha welayisensi ohlose ukwenza inqubo yesicelo ibe ngeyobuchwepheshe. Lesi siphakamiso sizovumela abanikazi bezitolo zezipaza ukuthi bafake izicelo besebenzisa ubuchwepheshe esikhundleni sokuthembela ezinhlelweni ezisekelwe ephepheni.
Uma zisetshenziswa, izinguquko zingasheshisa amalayisense futhi zenze kube lula kosomabhizinisi abancane ukwenza imisebenzi yabob ibe semthethweni futhi athole ukwesekwa kwezezimali.
Okwamanje, iziphathimandla zithi imizamo iyaqhubeka nokucubungula ukusalela emuva kwezicelo ezweni lonke.
