
Inyunyana yothisha KwaZulu-Natal ithi iyaseseka isinqumo soMnyango wezeMfundo wesiFundazwe sokuphenya ngokufakwa kwamakhamera e-CCTV ngaphakathi emakilasini esikoleni saseThekwini.
Othisha besikole Umkhumbane Secondary School, eChesterville banquma ukuduba umsebenzi, banqaba ukusebenza kuze kube ayasuswa la makhamera.
Bathi abazange babikelwe ngawo ngaphambi kokuthathwa kwesinqumo.
Kume ukufunda nokufundisa izinsukwana.
OLUNYE UDABA: Owezemfundo eKZN uphenya ngolwamakhamera esikoleni esiseChersterville
OwezeMfundo eKZN uthi uthishanhloko wesikole uyalelwe ukuba asuse amakhamera.
Okhulumela i-SADTU eKZN uNomarashiya Caluza uthi ukubonisana kuyingxenye ebalulekile yezingxoxo.
“Yebo, kumele baphenye. Ngicabanga ukuthi leso yisinyathelo esifanele ngoba inhloso ukuthola ukuthi kwaboniswana yini nabo, ukuthi othisha baqinisile yini uma bethi abakaze batshelwe lutho, nokuthi kuyiqiniso yini ukuthi kukhona amakhamera nobunye ubuchwepheshe bokulalela lapho kuhlala khona othisha nasemakilasini.
“Uma sebelwenzile uphenyo, bazobe sebekulungele ukubheka okutholiwe nokumelene nengqubomgobo yomnyango mayelana nalezi zinkinga.”
Abazali babe nomhlangano nabaphathi besikole ngoLwesibili ekuseni.
