
Inhlangano i-March and March iyamukele imiphumela yesikhashana ye-SIU emayelana nenkohlakalo eMnyangweni wezaseKhaya.
Umholi we-March and March, uJacinta Ngobese-Zuma, uthi le nhlangano izoqhubeka nokucindezela uhulumeni ukuthi athathe isinyathelo ngokumelene nezikhulu ezikhohlakele kanye nezombusazwe ezihlezi ezihlalweni eziphezulu.
OLUNYE UDABA: OweMarch and March uthi alukho olubi alwenzayo ngokuhola imibhikisho
“Siyajabula ukuthi ekugcineni yonke imininingwane kanye nolwazi seluzophuma. Lokhu kusayisiqalo ngoba uphenyo luzophothulwa cishe ngoSeptember,” kusho uNgobese-Zuma.
“Ngithemba ukuthi ekugcineni uma lolu phenyo luphela, bazositshela amagama abantu abathintekayo. Siyazi ukuthi bakhulume ngamagama osopolitiki abakhulu abaye bathinteke ekusizeni laba bantu ukuthola la maphepha.”
