Ubonga ukwesekwa ngabaphathi beqembu umqeqeshi weKaizer Chiefs

Iqembu lebhola likanobhutshuzwayo iKaizer Chiefs liwuqale kahle unyaka kulandela ukunqoba umdlalo obuphakathi kwayo neGolden Arrows eFNB Stadium eGoli.

Umqeqeshi wale kilabhu uCedric Kaze ubekhuluma ngemuva kokunqoba kweqembu lakhe lishaye iGolden Arrows ngo-1-0 izolo ebusuku, okuyisiqalo esihle onyake ka-2026 ngemuva kwekhefu le-AFCON.

OLUNYE UDABA: IChiefs izocacisa ngekusasa likaNabi kuleli sonto

Lo mqeqeshi odabuka eBurundi ufike njengomsizi ka-Nasreddine Nabi, uqokwe njengomqeqeshi benoKhalil Ben Youssef ekuqaleni kwale sizini kanti ugxeke abezindaba abathi awumufanele lo msebenzi.
“Angiboni ukuthi angithenjwa, kodwa ngizwa sengathi ngesekwa kakhulu eqenjini, ngabaphathi nabadlali,” kuchaza uKaze.

UKaze wengeze ngokuthi kwesinye isikhathi uzizwa sengathi ngabantu abangaphandle abazama ukumbeka kabi, lokho kwenza kuphele inhlonipho uma abantu bekhuluma ngalaba qeqeshi ababili – ‘abawazi namagama’.

“Siyakwazi esikwenzayo, sifanelekile. Ngikunika kuze kuphele isizini, sizohlangana, futhi nginesiqiniseko sokuthi wonke umuntu uzoxolisa.”