Kulindeleke izethulo zokugcina odabeni lwaseNyobeni tavern

Kulindeleke ukuba kulalelwle ukwethulwa kweziphakamiso zokugcina odabeni lwaseNyobeni eNkntolo yesiFunda yase-East London ehlei eMdantsane, e-Eastern Cape namuhla.

Uphenyo luhlose ukuthola ukuthi ngabe kukhona yini ongabekwa icala ngokushona kwabantu abasha abangu-21 e-Enyobeni Tavern eScenery Park ngo-2022.

OLUNYE UDABA: Akusekudala baboshwe abasolwa ngokudubula babulale abantu eSaulsville

Omunye wabazali abashonelwa ingane ngesikhathi sesigameko, uNtombizonke Mgangala, uthi akajabule ngendaba yamaphepha alahlekile, okuyiwo angase acacise konke kulolu daba.

“Kuno daba lokulahleka kwamaphepha okanye imininingwano ebambezela ukulalelwa kwezethulo zokugcina, okungenza ngidideke kakhulu ngemibuzo eminingi engaphenduliwe…kodwa-ke ngizolinda ukuzwa ukuthi bazothini.”

SABC