Uthela izithelo ezinhle umsebenzi owenziwa yiPeWG wokulungisa ingqalasizinda eThekwini

IPresidential eThekwini Working Group osukwini lwayizolo, ngoLwesine ibiphumile ukuyohlola isimo somsebenzi wokulungiswa kwengqalasizinda nokuwumsebenzi wokuqinisekisa intuthuko edolobheni laseThekwini.

IPeWG esinezinyanga ezingu-19 isunguliwe nokuhloswe ngayo ukuthuthukisa izidingo zomphakathi nengqalasizinda yamanzi ukuze ihehe abatshalizimali kuleli dolobha, ithi igculisekile ngomsebenzi ewubonile ngoLwesine ezindaweni ebizihambele okubalwa kuzo iMoses Mabhida Stadium, Rivertown Precinct, Southern Aqueduct noMlazi Canal and Mondi.

OLUNYE UDABA: URamaphosa usole izinkampani ezihlinzeka amanzi ngamathangi ngokucekela phansi ingqalasizinda

USipho Cele onguMqondisi Jikelele ehhovisini likaCity manager uthi kulezi zinyanga iPeWG isunguliwe uyabonakala umsebenzi osuwenziwe njengoba ezindaweni ezisenyakatho yedolobha; eNanda, KwaMashu, Phoenix naseVerulam lapho bekunenkinga enkulu yamanzi kodwa ukuqedwa kokulungiswa kwe-Northern Aqueduct okuyiphrojekthi yokuphakela amanzi amaningi enyakatho kuyabonakala ukuthi isimo sakhona samanzi sesingcono.

“Singasho ukuthi impela angeke sizixazulule zonke izinkinga ngesikhathi esifushane kodwa singazilungiselela ukuthi kusasa sikwazi ukuthi sisebenze sixazulule izinkinga ezikhona kanti inhloso yePeWG ukuthi ikwazi ukubeka isisekelo esizokwazi ukuya phambili, sisebenzele phezu kwaso ekuhambiseni izidingo zomphakathi ezahlukene, okubalwa kuzo amanzi, ukulungiswa kwemigwaqo nezinye izidingo.”