
Kudutshulwe kwabulawa umsolwa oyedwa esigamekweni sokudubulana namaphoyisa eVerulam namuhla emini.
Abasolwa ababili badune imoto kwathi umnikazi wemoto wabikela amaphoyisa, nawo aphendule ngokushesha.
OLUNYE UDABA: Kubulawe ungqondongqondo wokuthumba abantu waseMozambique kwesokudubulana
Abasolwa bavalelwe ekhoneni eCornubia, amaphoyisa abayalela ukuba bame kodwa abasolwa bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni, amaphoyisa aziphindiselela.
Ngesikhathi kudutshulwana, umsolwa oyedwa udutshulwe washona, kwathi omunye waboshwa.
Abasolwa batholakale nesibhamu.
