Uyavela enkantolo osolwa ngokushisa intombi yakhe yaze yashona e-KZN

Amaphoyisa aseVryheid enyakatho yeKwaZulu-Natal abophe indoda eneminyaka engu-48 ubudala ngemuva kokusolwa ngokushisa intombi yayo eneminyaka engu-41 ubudala yaze yashona nokuzama ukubulala indodakazi yayo eneminyaka engu-28 ubudala ngokuyigenca ngembazo.

Kusolwa ukuthi umsolwa uphinde wadlwengula indodakazi kamufi eneminyaka engu-13 ubudala, endaweni yaseShanelweni Reserve eNgome.

OLUNYE UDABA: Udilikajele kowabulala intombi yakhe mhla eyibuza ngezimali

Amaphoyisa athi umsolwa uhlasele izisulu ngezikhathi zasekuseni kakhulu.

Umsolwa uboshwe endaweni yaKwaMnyathi kanti kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseLouwsburg namuhla.