Kushone 2 wabasolwa kudutshulwana namaphoyisa eMlazi

Kudutshulwe kwabulawa abasolwa ababili ababefunwa ngamacala ahlukahlukene obugebengu eNanda nakwezinye izindawo.

La basolwa babulawe ngesikhathi bezama ukubulala amaphoyisa eMlazi ngoMsombuluko ekuseni.

Amaphoyisa aqoqe imininingwane mayelana nokuthi abasolwa bakuphi, kwathi lapho amaphoyisa ebahlasela endaweni yasemjondolo ekuSilwane Khoza Road esigcemeni sakwa-D eMlazi, abasolwa badubula bebhekise emaphoyiseni.

OLUNYE UDABA: Kusale enkundleni abasolwa ababili kudutshulwana namaphoyisa eGlebelands, eMlazi

Amaphoyisa abe eseziphindiselela, kwashona abasolwa ababili. Kutholakale izibhamu ezimbili endaweni yabasolwa.

Izibhamu ezitholiwe zizohlolwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi zihlobene yini nezinye izenzo zobugebengu esifundazweni.