I-MKP ne-ANC bafuna kubhekwe ezokuphepha emafulethini aseThekwini

Iqembu loMkhonto weSizwe licele izikhulu zedolobha laseThekwini ukuba zihlole ezokuphepha efulethini lapho amawele akhalakathela khona emgodini welift, kwashona elilodwa kwathi elinye laphuthunyiswa esibhedlela.

Izakhamuzi namaqembu ahlukahlukene abhikishe ngaphandle kwesakhiwo saseHomii ku-Joe Slovo Street ngoMsombuluko besekela umndeni wakwaDlamini.

Amawele aneminyaka eyisishiyagalombili ubudala ayedlala nabangani awo ngoMgqibelo odlule, lapho u-Aphelele no-Aphile Dlamini bewela phansi esuka esitezi sesine eliftini.

Okhulumela i-MK Party’s Labour Desk uMthobisi Shinga uthi bebelokhu bexhumana nomndeni kanti futhi bathole nemibiko eyengeziwe ngesimo sesakhiwo.

OLUNYE UDABA: Zilelwa ubulungiswa izinkulungwane zabantu ezibuthene ngaphandle kwebhilidi lakwaHomii eThekwini

UShinga uthi bathole omunye umbiko wokuthi ngonyaka ka-2023 kwakukhona owesifazane naye owawa kulo leli bhilidi naye, ngeshwa akazange abuthole ubulungiswa. Kngagcini lapho, bakhona nabanye abantu asebeze kuthina basazisa ngezinkinga ezenzeka kulo leli fulethi.

“Sikholelwa ukuthi umasipala kufanele nawo ungene uzohlola konke, nokuthi ibhilidi lisesimeni esikahle sokuhlala abantu.

“Ngakho-ke lolo phenyo kumele lwenziwe, futhi sizoqinisekisa ukuthi ngala mawele, laba ngabantu bokugcina abazoba nenkinga kuleli bhilidi.”

Khonamanjalo, I-ANC eThekwini ithi le nhlekelele igcizelela isidingo esiphuthumayo sokubhekana nezakhiwo ezingaphephile nezinakekelwe kahle enkabeni yedolobha.

Ithi izosebenzisana noMasipala waseThekwini ukuqinisa izinyathelo zokuphoqelela kanye nokuzibophezela, iphoqa abanikazi bezindawo ukuthi bazigcina esimeni esihle izakhiwo zabo ukuze bahlangabezane nezimso zokuphepha.

Newswatch