
Ingane yomfana igama layo eligodliwe iphuthunyiswe esibhedlela iTauranga eNorth Island kulandela ukukhala ngezinhlungu esiswini izinsuku ezine.
Ngokombiko wodokotela lo mfana osemncane udalule ukuthi udle omazibuthe abayisibalo esifinyelela ku-100 abangu-5x2mm (neodymium).
Omazibuthe, abavinjelwe eNew Zealand kusukela ngoJanuary 2013, bathengwe kwa-Temu nge-internet, kusho odokotela.
I-X-ray itshengise ukuthi omazibuthe babehlangene ndawonye belandelana ngolayini abane abaqondile ngaphakathi emathunjini ale ngane.
OLUNYE UDABA: ISAMA izobamba umhlangano noNdunankulu mayelana nokuhlaselwa kodokotela eKZN
Surgeons operated to remove the dead tissue and retrieve the magnets, and the child was able to return home after an eight-day spell in hospital.
“Labo mazibuthe babukeka engathi basezingxenyeni ezihlukene zamathumbu asenamathelene ngenxa yamandla kamazibuthe,” basho njalo.
Akukho usuku olunikeziwe lokuhlinzwa.
UTemu uthe useqalise uphenyo ukuqinisekisa ukuthi uyahambisana nezidingo zokuphepha eNew Zealand.
Odokotela bathi incindezi yomazibuthe ibangele i-necrosis okungukufa kwezicubu – ezindaweni ezine zamathumbu amancane omfana kanye ne-caecum, okuyingxenye yamathumbu amakhulu.
Odokotela abahlinzayo bahlinze lo mfana basesa ama-dead tissue baphinde bakwazi ukukhiphe omazibuthe.
Le ngane ibe isikwazi ukubuyela ekhaya ngemuva kwezinsuku eziyisishiyagalombili isesibhedlela.
Ukuhlinzelwa ukugwinya omazibuthe kungaholela ezinkingeni esikhathini esingaphambili empilweni, njengokuvaleka kwamathumbu, i-hernia yesisu kanye nobuhlungu obungapheli, kusho odokotela.

AFP
