Amaphoyisa agasele ezitolo ezisenkabeni yedolobha eThekwini

Umsebenzi wokugasela eitolo oholwa ngamaphoyisa ophiko lwe-SAPS, aboMnyango wezaseKhaya kanye namaphoyisa akwaMetro angena ezitolo ezisolwa ngokuqasha abasebenzi abangenazo izincwadio ezibagunyaza ukuba kuleli nokudayisa impahla engekho emthethweni.

Amaphoyisa abonakala ephuma engena emabhizinisini akuDr Pixley KaSeme Street namuhla ekuseni kanti futhi ahambela ezitolo ezidayisa ngezingubo zokugqoka, ukudla, imikhiqizo yezingane, izingubo zokulala, ahlola amaphepha abasebenzi nempahla edayiswayo.

OLUNYE UDABA: Bathole izigwebo eziqinile abadabuka eChina abalahlwe ngelokushushumbisa abantu

Iziphathimandla zihlasele amabhizinisi ase-Dr Pixley KaSeme Street ngoLwesine ekuseni.

Amaphoyisa abonakale ehamba ezitolo ezithengisa izingubo, ukudla, imikhiqizo yezingane kanye nezingubo zokulala ehlola amadokhumenti abasebenzi futhi ehlola izimpahla.

Kulayishwe evenini lamaphopyisa inqwaba yabasolwa.

Kwesinye sezitolo, amaphoyisa akwaMetro athole inqwaba yogwayo abangekho emthethweni nokudla osekudlulelwe yisikhathi.

Kukholakala ukuthi umnikazi wesitolo ubalekile ngesikhathi kufika abomthetho.

Kune nequlu labantu ebelibuka emgaqweni ngesikhathi kuqhubeka lo msebenzi.

UNdunankulu wesiFundazwe uThami Ntuli ubekhona endaweni yesigameko.

Newswatch