IKhomishana kaMadlanga izolalela ufakazi obalulekile ngaphandle kwamakhamera ngenhloso yokumvikela

IKhomishana kaMadlanga inqume ukuthi ufakazi wayo olandelayo uzofakaza engekho phambi kwabantu futhi ngale kwamakhamera ukuze avikeleke.

Ikhomishana iphenya ngezinsolo zokuthi kunenhlangano edayisa izidakamizwa okuyimbangela yemizamo yokuhlakaza ithimba leKZN Political Killings Task Team, ngemuva kokuthi leli thimba liqale ukuhlola le nhlangano.

OLUNYE UDABA:IKhomishana kaMadlanga ukukhipha isinqumo mayelana nesicelo samakhamera

Umphathi wamaphoyisa eKZN uNhlanhla Mkhwanazi usola ukuthi uxhaxha lobugebengu obuxhumene kahle selubambe uhlelo lwezobulungiswa.

Umholi omkhulu wobufakazi kule khomishana usanda kucela ukuthi ubufakazi emasontweni amabili ezayo bungaveli emphakathini, ebalula ukuphepha kofakazi kanye nesidingo sokuvikela uphenyo oluqhubekayo.

INews24 kanye neDaily Maverick bayasiphikisa isicelo.

Newswatch