
UMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli (Johannesburg Metro Police Department – JMPD) ukuqinisekisile ukuthi elinye lamaphoyisa, igama lalo elizwakale libizwa kwiKhomishana kaMadlanga ephenya yisikhulu samaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, ngezinsolo zokusebenzisa budedengu izinsiza zombuso ukusiza osolwa ngokubulala uKatiso “KT” Molefe ophenyweni lwangaphakathi.
Okhulumela i-JMPD uSuperintendent Xolani Fihla lokhu ukuqinisekise kwabe-IOL News ngoLwesihlanu.
Uthe uJohannes Makgatle uyiphoyisa likamasipala elijutshwe ophikweni lwe-K9. Usebenze kulo mnyango kusukela ngomhlaka-16 December 2005.
“I-JMPD’s Internal Affairs Unit isiqale uphenyo lwangaphakathi ngalezi zinsolo,” kusho uFihla.
OLUNYE UDABA: URamaphosa uyavuma ukuthi ‘kuyashaqisa’okushiwo kwikhomishana kamadlanga
“Lolu phenyo luzohlola izimangalo, futhi i-JMPD izobambisana ngokugcwele neKhomishana nanoma yisiphi esinye isikhulu esithintekayo. Ngokusekelwe kulokho okutholwe, izinyathelo ezifanele zokuqondisa izigwegwe zizothathwa ngokuhambisana nenqubomgomo yomkhandlu.”
Lolu phenyo lulandela ubufakazi bukaMkhwanazi abethula phambi kweKhomishana kaMadlanga ephenya ngobugebengu, ukugxambukela kwezepolitiki kanye nenkohlakalo ohlelweni lwezoBulungiswa bobugebengu.
