
Kutholwe iveni lohlobo lwe-Kia elimhlophe ligingqikile lashiywa kanjalo emgwaqeni uJabu Ngcobo eNanda, KwZulu-Natal namuhla.
Umuntu obedlula ngendlela nguye obone leli veni ngakwesokunxele wabe esethinta abeReaction Unit South Africa (RUSA) Operations Centre.
OLUNYE UDABA: Sekulimale abantu abane kuginqika iloli lamanzi eNdwedwe
Ngesikhathi befika, abe-RUSA baqinisekise ukuthi iveni ligingqikile, kodwa umshayeli akatholakalanga.
Amaphoyisa aseNanda asaphenya.
IZITHOMBE:




RUSA
