
INkantolo yeSifunda eMadadeni igwebe owesilisa oneminyaka engu-38 ubudala udilikajele ngokudlwengula indodana yakhe phakathi kuka-2019 no-2021 eMadadeni.
Isisulu sasihlala nabazali baso nomfowabo. Ummangalelwa wadlwengula isisulu izikhawu eziningi uma umama waso engekho. Kuthe emuva kwesikhathi isisulu, wunina nomfowabo bahamba bayohlala ekhaya konina. Uyise wesisulu wayevame ukubalanda beyomvakashela. Ngaleso sikhathi bevakashile ummangalelwa waqhubeka wadlwengula isisulu.
Indaba yavela obala ngemuva kokuthi uthisha eqaphele izinto ezisolisayo kwisisulu wasibuza ukuthi kwenzenjani. Isisulu sabikela uthisha ukuthi uyise ubesidlwengula njalo. Uthisha wabikela uthishomkhulu kwabikelwa umndeni wesisulu. Kwahanjiswa isisulu emtholampilo kwabikwa udaba emaphoyiseni kwaboshwa ummangalelwa.
OLUNYE UDABA: Udilikajele kowadlwengula umshana wakhe
UMshushisi uCindy Alberts ubize ofakazi okunguthisha owabikelwa kuqala, udokotela owaxilonga isisulu oqinisekise ukuthi kukhona ukulimala akuqaphela kuyena futhi kuzohlala naye isikhathi eside. UMshushisi ekhonga isigwebo esiqinile, ubize ubabekazi wesisulu ochaze ukuthi selokhu kwenzeka isigameko isisulu sesiyinkomo edla yodwa futhi siyamsaba ummangalelwa.
Ngaphezu kwesigwebo, inkantolo inqume ukuthi akafanelwe wukusebenza nezingane futhi igama lakhe kufanele lifakwe ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.
Inkantolo ithe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.
I-National Prosecuting Authorty (NPA) iyakwemukela ukuphothulwa kodaba ngempumelelo. I-NPA igcizelela isifungo sayo sokulwela abagilwa abayizingane bathole ubulungiswa. Sizoqhubeka silwele isithunzi namalungelo ezingane.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
