Umqeqeshi weChiefs uthembisa ushintsho olungcono

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasredine Nabi, uthi iqembu lakhe ulibona lizoba ngcono kakhulu kule sizini ezoqala njengoba ethi indlela abayilungiselela ngayo isizini entsha ihluke kakhulu.

UNabi ukusho lokho ngemuva kokuthi iChiefs ithole isibhaxu sika 3-2, kwi Asante Kotoko yaseGhana kumqhudelwano weToyota Cup ngoMgqibelo.

UNabi uthi abalandeli abangabheki kakhulu ukuthi emalungiselelweni abo kuhambe kanjani kodwa njengamanje abagxile ekutheni iqembu lizobaphathelani kulemsizini ezoqalwa.

OLUNYE UDABA: Usizi iKaizer Chiefs iphuthwa yithuba le-Top 8 okwesibili kulandelana

Amakhosi kulindeleke ukuthi eshintshe ukwenza kule sizini njengoba kwephelile ihluleke yancama ukungena kwiTop 8 kanti nangesizini ka-2023 yahluleka nokushiya abalandeli bedumele ngalokhu abakubona kwiChiefs.

IChiefs kubhekwe ukuthi iqhubeke nokusayinisa abadlali abasha njengoba noNabi ekuvezile ukuthi basabheka emakethe ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)