
Kuvulwe amadokodo kulandela ukusha komuzi odlule nemiphefumulo emibili eningizimu yeTheku.
Abezicishamlilo bathi umlilo ubusuwokheleke ophahleni nengxenye enkulu yomuzi eBurlington ngesikhathi befika endaweni yesigameko ngoLwesibili.
Bbalelwa kwabayisishiyagalolunye abantu abasinde kuleli langabi ababe nenkinga yokuphefumula ngenxa yokuhogele intuthu.
OLUNYE UDABA: Kushone isalukazi kusha umuzi oThongathi
Kulimale umakhelwane obesiza ukuhlenga umndeni ngesikhathi ekhahlela isicabha ngamandla ngoba efuna ukuwukhipha endlini.
Umakhelwane uphuthunyiswe esibhedlela ukuze eyothola ukwelashwa.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
