Izwi Lomzansi 98.0FM lelula isandla kwabakhahlanyezwa izikhukhula e-E Cape

Namuhla, Izwi Lomzansi 98.0FM lizobe liqhubeka nokuba yizwi labantu njengoba lithumela ithimba lalo ezindaweni ezihlaselwe yizikhukhula e-Eastern Cape.

Lolu hambo luhlose ukuletha usizo oluphuthumayo kanye nokweseka imindeni ethintekile kule nhlekelele yemvelo.

Izimvula ezinamandla zidale izikhukhula ezadlula nemiphefumulo eminingi, kwasala dengwane izinkulungwane zabantu zaphinde zacekela phansi ingqalasizinda.

OLUNYE UDABA: Eminye imindeni isiqala ukulahlekelwa yithemba ngezihlobo ezingatholakali e-E Cape

Ithimba lomsakazo Izwi Lomzansi FM libambisene nezinhlangano zomphakathi nezinhlangano ezingenzi nzuzo phecelezi Non-Government Organizations (NGO) lilule isandla ngokuhlinzeka ngezinsiza ezibalulekile okubalwa kuzo, ukudla, izingubo zokulala, amanzi ahlanzekile.

Omunye wabasebenzi balo msakazo uLungani Mnguni, uthe njengomsakazo onakekela abantu, Izwi Lomzansi lizibophezele ukudala indima yalo ngokulekelela imiphakathi ekhahlamezekile.

UMnguni uphethe ngokuthi, lesi sikhathi akusiso esokugoqa izandla kodwa ngesokulekelela lapho ungakwazi khona.

Kulindeleke ukuthi lolu hambo luvunguze umoya wobumbano phakathi kwabantu baseNingizimu Afrika, luphinde luvule indlela kulabo abanesifiso sokunikela nokweseka lesi sinyathelo esihle.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)