Kuthungathwe umsolwa owabulala izelamani ngesikhathi engaphandle ngebheyili eKZN

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal adinga usizo ngokuthungatha osolwa ngokubulala.

Bacela ukufuniswa uZethembe Joyful Mzulwini oneminyaka engu-20 ubudala odume ngelika-‘Zwe’.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uThenjiswa Ngcobo, uthe uMzulwini ongowaseFolweni waboshelwa ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni ngoJanuary.

UMzulwini kusolwa ukuthi wenze elinye icala ngesikhathi engaphandle ngebheyili.

OLUNYE UDABA: Kufunwa 12 wabantu abasolwa ngokubamba inkunzi imoto yemali ePMB

“UMzulwini kusolwa ukuthi wabulala abantu ababili ngesikhathi edubula ebulala izelamani ezimbili emzini wakubo oseMpusheni Reserve ngomhlaka-28 April 2025. Incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe yakhishwa yiNkantolo yeMantshi yaseNsimbini ngomhlaka-5 May 2025.

“Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi mayelana nokuthi ukuphi uMzulwini, athinte uDetective Constable Khuzwayo ku-082 3348 323 noma asebenzise iCrime Stop 08600 10111. Amathiphu angadluliselwa ngohlelo lokusebenza lweMySAPS.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)