
Inhlangano yabahlali basemjondolo i-Abahlali baseMjondolo ithi kunzima ukuthi izakhamuzi zasemijondolo zikwazi ukuhlukanisa into engaba yingozi nezobasiza ukuba bafudumale.
Ngempelasonto kuqubuke umlilo emjondolo yakuKennedy Road, eThekwini, kwashona umama osemncane nosana lwakhe olunezinyanga ezingu-18 luzelwe.
UMasipala weTheku uthi zingaphezu kuka-120 izindlu ezicekeleke phansi.
Ngenyanga edlule, izakhamuzi zakule mijondolo kudingeke ukuthi ziphume ngemuva kokuqubuka komlilo oshise inqwaba yemizi.
OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: ISekela likaMeya lihlinzeke izisulu zasemjondolo yakuKennedy Road ngezinto ezisemqoka
Ngasekuqaleni kwenyanga omunye umlilo ucekele phansi izindlu ezingaphezu kuka-120 emjondolo yaseDakota eSiphingo.
UThapelo Mahapi waBahlali uthi nakuba umengameli wenhlangano yabo usemkhankasweni wokufundisa, uthi ubusika bunzima kubahlali basemjondolo.
“Ubusika bakulo nyaka yibo obunzima kakhulu kanti futhi abantu bazama ngazo zonke izindlela ukuzifudumeza.
“UMengameli unxuse abantu ukuthi baphephe uma benza imizamo yokuzifudumeza futhi baqinisekise ukuthi noma yini abayibasile benzela ukufudumala bayayicisha ngoba uma kuke kwasha umjondolo owodwa umlilo wokheleka kuyo yonke imijondolo ngenxa yokusondelana kwayo.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
