
INkantolo yesiFunda yaseGreytown igwebe indoda eneminyaka engy- 29 ubudala udilikajele ngemuva kokulahlwa yicala lokudlwengula indodakazi yakhe ayizalayo eneminyaka engu-8 ubudala ngoMarch 2025.
Lesi sigameko senzeke eTownland, endaweni yamaphoyisa eGreytown.
Ngokophenyo umsolwa wafika lapho okuhlala khona isizulu nomamncane waso, ecwile ezinkambini zikaFaro.
Umsolwa waphoqa ngenkani ukuthi ingane ilale ekamelweni lakhe. Ngakusasa ekuseni, umamncane waqaphela ukuthi ingane ikuthola kunzima ukuhamba. Ngesikhathi eyibuza ingane yaveza ukuthi idlwengulwe nguyise.
OLUNYE UDABA: Udilikajele kowaklinya indodana ngentambo yebhulukwe yashona emfuleni
Kwabe sekuvulwa icala lokudlwengula ngokushesha, elanikwa umphenyi uSergeant Richard Gilden weGreytown Family violence ophikweni oluvikela izingane kanye namacala ocansi.
Umsolwa waboshwa ngokushesha, kwase kwenziwa uphenyo olunzulu. Bonke ubufakazi bahlanganiswa ngokucophelela futhi bethulwa phambi kwenkantolo.
Ngomhlaka-13 June 2025, ummangalelwa walivuma icala wabe esegwetshwa udilikajele, kusho isitatimende samaphoyisa.
UKhomishana wesiFunda saseMzinyathi uMajor General Francis Slambert uthe “Amaphoyisa ophiko lwe-SAPS esiFundeni saseMzinyathi asazibophezele ukuvikela amalungu omphakathi abuthaka nasengozini nokuqinisekisa ukuthi labo abenza okubi babhekana nengalo yomthetho. Lesi sigwebo sikadilikajele sibonisa isimo sezobulungiswa ngokumelene nodlame bobulili.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
