Lusaqhubeka uphenyo kulandela ukutholakala kwesikhulu saKwaDukuza sishonile emotweni

Amaphoyisa aKwaDukuza aqale uphenyo lokubulala ngemuva kokutholakala kwesikhulu sikamasipala uNokulunga Mashabane sishonile emotweni yaso.

Isisulu esineminyaka engu-31 ubudala sitholwe ngamaphoyisa ngoLwesihlanu endaweni yaseDarnall ngesikhathi esebenza enza umzungezo wawo ojwayelekile.

Amaphoyisa abone imoto emhlophe eceleni komgwaqo ikhanyise izibani nomnyango wangaphambili womgibeli uvuliwe.

Amaphoyisa afica uMashabane esihlalweni somshayeli enamanxeba okudutshulwa.

OLUNYE UDABA: Usashaqekile umndeni oshonelwe yizelamani eMzinto

UMashabane usebenze njengemenenja yobudlelwano phakathi kweminyango ehhovisi leMeya yaKwadukuza iminyaka eyisithupha.

Okhulumela umasipala uSifiso Zulu uthe kuyishwa ukushona kukaMashabane.

“Kuyishwa ukuthi umuntu omnene kanjena abulawe ngesihluku esingaka, ngoba wonke umuntu ohlangana naye ubengakufakazela ukusebenza ngokuzikhandla kwakhe emsebenzini wakhe. Umuntu obehlonipha wonke umuntu ahlangana naye; ukudlula kwakhe emhlabeni kuthuse isikhungo sonke.”

Imbangela yokuhlaselwa kukaMashabane ibingakaziwa okwamanje kanti futhi bekungakaboshwa muntu.

Khonamanjalo, i-EFF esifundazweni isinxuse ukuthi uphenyo lukubekwe obala, emehlweni abantu.

Okhulumela isifundazwe uChris Msibi uchaze ukushona kukaMashabane njengesigameko sokubulala ngesihluku.

“Siyaphinda futhi sicela ukuthi abomthetho babhekane nesihlava sodlame lobulili iGBV kanye nobugebengu obujwayelekile e-KZN.

“Sikhalisana nomndeni kanye nawo wonke umuntu othintekile kulolu daba olubuhlungu kangaka. Sizosiza ngayo yonke indlela ukuze bonke abenzi bobubi babhekane nengalo yomthetho.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter