Kulindeleke ukuba kugwetshwe ummangalelwa kwelokubulawa kukaSindiso Magaqa

Kulindeleke ukuba agwetshwe ummangalelwa ecaleni lokubulawa kowayenguNobhala-Jikelele we-ANC Youth League uSindiso Magaqa, namuhla eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.

Ngomhlaka-6 June 2025, uSibusiso Ncengwa waphumela obala ngokudubula uMagaqa ngoJuly 2017 eMzimkhulu. Wavuma necala lokuzama ukubulala uJabulile Msiya, NoNsikelelo Mafa noNceba Mazongolo.

UNcengwa wavuma nelokucekela phansi impahla okuyimoto kaMagaqa nezabanye wavuma nelokuphatha isibhamu nezinhlamvu ngokuhlanganyela.

OLUNYE UDABA: Ulivumile icala obesolwa ngokubulala uSindiso Magaqa

UNcengwa walandisa inkantolo ngakho konke okwenzeka ngaphambi kokufa kukaMagaqa nezingxoxo aba nazo nabanye abamangalelwa okungoSibonelo Myeza, Mlungisi Ncalane noMbulelo Mpofana.
Ukuhlambuluka kwakhe kuthathwe njengokuvuma icala.

Inkantolo yalahla ummangalelwa ngecala ngenxa yokuhlambuluka kwakhe.

Icala likaMpofana noMyeza lizobuyela enkantolo ngomhlaka-6 October 2025 lapho lizoqulwa khona.

UNcalane owahlonzwa njengongakulungele ukuqula icala, ugcinwe esikhungweni sabagula ngengqondo.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)