Udilikajele kowadlwengula indodakazi yakhe imvakashele

INkantolo yeSifunda Empangeni igwebe indoda eneminyaka engu-39 ubudala udilikajele ngecala lokudlwengula iphindelela indodakazi yayo eyayineminyaka engu-12 ngoDecember 2020, eNdabayakhe.

Ummangalelwa nonina wengane babehlukene futhi bengasahlali ndawonye. NgoDecember 2020, umgilwa nomfowabo bavakashela ummangalelwa ekhaya kubo. Ummangalelwa wayeganiwe enezinye izingane ezimbili. Ebusuku isisulu sasilala embhedeni bese umfowabo elala phansi esipontshini, ummangalelwa wayevuka ayodlwengula umgilwa. Uma sithi siyamemeza wasivala umlomo aqhubeke asidlwengule.Wayesisabisa ngokumbulala yena wunina nomfowabo uma sike sabika udaba.

Isisulu sabuyela kubo sagcina sibhoboka kumzala waso, okunguye owabikela unina wesisulu. Udaba lwabikwa emaphoyiseni kwaboshwa ummangalelwa. Isisulu sahanjiswa eThuthuzela Care Centre yaseNgwelezane sathola usizo.

OLUNYE UDABA: Udilikajele kowadlwengula owesifazane ayemcuthele ngasesangweni lakubo

UMshushisi u-Edwina Du Plessis wethule isitatimende sesisulu nesikanina abazibhale beluswe uSeneliso Sibanda oyi-Court Preparation Officer.

Isisulu sithe sasihlale sizijabulele kodwa ngemuva kwesigameko sesihlala sicasukile sinolaka nenhliziyo encane. Sithe ubecabanga ukuthi uyise wumuntu onothando owumvikelo kodwa yena wamhlukumeza.

Unina wesisulu uthe isigameko siphazamise umndeni wonke. Uthe izenzo zikammangalelwa ziyanyanyisa futhi zinobulwane.

Ngaphezu kwesigwebo, inkantolo ithe ummangalelwa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu futhi igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.

Ukulwa nodlame olusekelwe wubulili kuseqhulwini kwi-NPA. Thina nozakwethu esibamsiene nabo sinomsebenzi wokulwela abagilwa bathole ubulungiswa ikakhulukazi ababuthaka.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)