Udilikajele kowabulala indodana, 6, eKZN

Indoda yaKwaZulu-Natal eyabulala indodana yayo eneminyaka eyisithuppha ubudala, iqalile ukudonsa isigwebo sayo ejele.

Le ndoda eneminyaka engu-35 ubudalaiugwetshwe eNkantolo yesiFunda Ezakheni ngesigameko esenzeka ngoJune 2024.

Ngobusuku bangomhlaka-17, u-Ayanda Zwane waxabana nomama wengane ngesikhathi ingane yabo ilele.

Ngemuva kokukhiphela ngaphandle kwegceke umama wengane, uZwane wahlasela indodana yakhe ilele.

OLUNYE UDABA:Udilikajele kolahlwe yicala lokubulala owayeyintombi eThekwini

Ingane yalimala kanzima ekhanda yashonela khona endaweni yesigameko.

Ubaba wengane waboshwa ngemuva kwesigameko.

Ngesikhathi kuqhubeka icala abashushisi batshele inkantolo ukuthi isenzo sikaZwane sishiye umndeni ukhungathekile.

Izihlobo zalo zesusulu namanje zisazama ukuqonda ukuthi yini eyaholela ekutheni ingane ibulawe.

Babe sebenxusa inkantolo ukuba ingakhombisi uzwelo uma isikhipha isigwebo.

I-NPA isamukele isigwebo sikadilikajele.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)