Kugxilwe kumphumela wamazinyo womunye wabasolwa ecaleni likaMeyiwa

Icala lokubulala uSenzo Meyiwa liyaqhubeka namuhla ngoLwesine ekuseni eNkantolo eNkulu yasePitoli.

Inkantolo kulindeleke ukuthi ilalele imiphumela yokuhlolwa kwamazinyo kamsolwa ongunombolo 3 uMthobisi Mncube, iqinisekisa ukuthi unalo yini izinyo legolide noma cha akanalo.

Umbuso wethule isithombe sikaMncube, esathathwa ngaphambi kokubulawa kukaMeyiwa ngo-2014, esimkhombisa enamiyeko ekhanda kanye nezinyo legolide.

OLUNYE UDABA: ‘Ama-Selfie angakhomba umbulali kaMeyiwa’

Umshushisi uthi afana kakhulu nencazelo yalowo osolwa ngokugulukudela, emzini wentombi kaMeyiwa, uKelly Khumalo.

Kodwa uMncube uyakuphika ukuthi uke waba khona endaweni yesigameko nokuba nezinye legolide.

eNCA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)