Zuma: Sesibe noNobhala-Jikelele abaningi, asincengani

Umholi we-MK Party (MKP) uJacob Zuma usethathe izintambo ngokumelene namalungu angaziphathi kahle, egcizelela ukuthi akekho ongaphezu kweqembu.

Ekhuluma namalungu eChristianenburg Sports Stadium eClermont, KwaZulu-Natal, uZuma ugcizelele ukuthi labo abaphambana nemigomo yeqembu bazobhekana nemiphumela.

Ukhulume ngokukhishwa kwakamuva kukaFloyd Shivambu njengonobhala-jikelele ngemuva kohambo lwakhe oluyindida lokuvakashela umfundisi uShepherd Bushiri eMalawi, iqembu elithe akuhambisani nomthethosisekelo walo.

“Lena akusiyo inhlangano yokwenza imali kodwa iyinhlangano ezokhulula iNingizimu Afrika,” kusho uZuma.

OLUNYE UDABA: UShivambu akasesiye unobhala-jikelele weMK Party ngenxa yohambo lwakho lwaseMalawi

“Uma omunye wethu ephuma endleleni, asimncengi.”

I-MKP ibe nezinguquko ezibalulekile ebuholini, ikakhulukazi esikhundleni sikanobhala-jikelele. Ngaphambi kukaShivambu, lesi sikhundla besiphethwe nguSihle Ngubane owabuyiselwa ephalamende njengoSotswebhu, kwase kuba u-Arthur Zwane owakhishwa ngenxa yezinsolo zokungaphathi kahle noSfiso Maseko owasula.

UShivambu ujoyine i-MKP ngemuva kokushiya i-EFF ngonyaka odlule. Uqokwe waba ngumgqugquzeli kazwelonke ngaphambi kokuthi aqokwe njengonobhala-jikelele ngoNovember. Wahlala isikhathi esifushane. Isigungu esiphezulu esithatha izinqumo se-MKP simemezele ukuthi uShivambu uzothunyelwa kabusha ePhalamende Likazwelonke njengelungu lePhalamende.

“Sesibe nonobhala-jikelele abayisikhombisa ngoba asizile ukuzodlala. Asinandaba ukuthi umkhulu kangakanani, uthandwa kangakanani, asinandaba. Sikhuluma ngeqembu lethu.”

UZuma uphinde waphendula ngezikhalo mayelana nezinqumo zobuholi.

“Kunabo abathi bafuna ukubhikisha ngenxa yesinqumo esisodwa esisithathile. Lokhu kusho ukuthi iqembu lethu lidinga umsebenzi. Sizoxosha noma ngubani owenza okubi kuMKP.”

SowetanLive

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)