
Sesifinyelele ku-86 isibalo sabantu abashone ngenxa yesiphepho sasebusika esihlasele e-Eastern Cape.
Lesi sibalo besihlezi ku-78 izolo.
UNgqongqoshe uSenzo Mchunu uveze lesi sibalo sakamuva ngesikhathi ekhuluma namaphoyisa nabezimo eziphuthumayo eMthatha.
Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (CoGTA) uVelenkosini Hlabisa uthi kulindeleke ukuthi sinyuke isibalo sabantu abashone ngenxa yezikhukhula e-Eastern Cape njengoba kusathungathwa ezinye izidumbu.
OLUNYE UDABA: URamaphosa uthi uhulumeni uzophenya ngembangela yezikhukhula eMthatha
Izikhukhula sezibohlile kanti abanye abantu sebeqala ukwakha kabusha kulandela umonakalo odalwe yizikhukhula.
UHlabisa uthi usuku lukazwelonke lokuzila selumenyezelwe, luzoba ngomhlaka-19 June. Abantu abasale dengwane ngenxa yezikhukhula bahlaliswe ehholo ledolobha laseMthatha.
Ingaphezu kwengu-50 imindeni ehlaliswe kuleli hholo lomphakathi. Zonke izindlu zabo zibhidlizwe yisiphepho. Le mindeni ikhala ngesimo sokumpintshana kuleli hholo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
