
Imindeni yezisulu ezimbili kwezintathu ezashona engozini yendiza encane, okwaphahlazeka indiza yazo eMooi River ngeSonto, isiyilandile imizimba.
Izidumbu zabashayeli bamabhanoyi uLulama “Lwazi” Msane, 23, waseDundee, uNqobile Biyela waseThekwini noSiphelele Buthelezi, 20, obefundela ubudokotela Ezakheni, eMnambithi, zihanjiswe eRichard’s Bay lapho zizoyohlolwa khona ngoLwesine ekuseni zabuyiselwa emakhazeni aseGreytown Medico-Legal.
NgoLwesine ntambama umndeni kaMsane noButhelezi ubumatasa ugcwalisa, usayinda amaphepha nezitifiketi zokushona kanti umndeni kaBiyela kuthiwa wona usendleleni ebheke emakhazeni.
OLUNYE UDABA: Itholwe ezihlahleni indiza ephahlazeke eDurban North
Umndeni kaMsane wenqabile ukuphendula imibuzo ngalolu daba, wathi uzokhipha isitatimende ngoLwesihlanu.
Ngokusho kokhulumela uMnyango wezokuThutha, uNdabezinhle Sibiya, uButhelezi uzobekwa endaweni yakhe yokugcina ekhaya kubo eNkandla ngoMsombuluko, kanti uBiyela noMsane bazofihlwa ngoMgqibelo.
“Sihlale sixhumana nemindeni kanti zihlela ukuza eGreytown ukuzolanda imizimba baphinde benze nemikhuba yabo yesintu,” kusho uSibiya.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
