
Owayengumengameli wakuleli ngaphambilini u-Jacob Zuma usekhulume ngethimba laseNingizimu Afrika elisanda kuvakashela eWashington, DC ukuyonxenxa ukutshalwa kwezimali kuhulumeni kaMengameli waseMelika uDonald Trump.
Ekhuluma nabalandeli be-MK Party KwaMaphumulo, eningizimu yeNkandla KwaZulu-Natal ngempelasonto, uZuma uphawule ngohambo lwangoMeyi oluholwa nguMengameli Cyril Ramaphosa nongqongqoshe abane yemizmo yasePitoli yokulungisa kabusha ubudlelwano bamazwe amabili.
OLUNYE UDABA: Kugqame olwamaBhunu emhlanganweni kaRamaphosa noTrump
Lolu hambo lwalandela ukuhlasela kukaTrump kanye nokuphatha kwakhe mayelana nemithetho yezokulingana yaseNingizimu Afrika yangaphandle kanye neyasekhaya, okwenze kwaba nzima ubudlelwano phakathi kwala mazwe womabili ukuba bube phansi kakhulu.
Ngesikhathi sezingxoxo, ithimba lizichithile izinsolo zokuthi kunokubulawa kwabantu, lacela uTrump ukuthi asize ngokuqiniswa kobuchwepheshe ukuze kunqandwe izinga lobugebengu elikhulayo eNingizimu Afrika.
UZuma ulugxeke kafushane lolu hambo ngesikhathi ekhuluma nabalandeli bakhe.
“Ungaya eMelika nanganoma yingani asikhathali kodwa siyenqaba ukuthi izinkinga zethu zilungiswe abantu baseMelika esingabazi nokubazi. Sifuna ukuzilungisela thina izinkingsa zethu.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
