
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal avule icala lokubulala ngokungenhloso kulandela ingozi enyantisayo yebhasi eyenzeke ngoLwesibili endaweni yasoThongathi, enyakatho yeTheku.
Kushone abantu abathathu, kwalimala abangu-15 ngesikhathi ibhasi liwela ngale kwebhulohwe elingamamitha angu-50.
Izakhamuzi zakule ndawo zithi ziningi izikhalo ezivezwe enkampanini yamabhasi ekuqaleni konyaka mayelana nesimo sebhasi.
OLUNYE UDABA: Kusolwa ukuthi kufe amabhuleki engozini yebhasi oThongathi
Eminye yemindeni ethintekile kulesi sehlakalo ilahlekelwe ngamalungu emndeni abebeka isinkwa etafuleni kanti ifuna izimpendulo.
Nokho, umnikazi weReddy’s Coach Tours uyakugcizelela ukuthi ibhasi belikulungele ukuba semgaqweni.
UNivashen Reddy udlulise amazwi enduduzo emindenini, wabe sethi uyalweseka uphenyo loMnyango wezokuThutha ngale ngozi.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit
