
Ukulandelwa kwemikhondo ngokubulawa kwesitshudeni saseWits, u-Olorato Mongale, sekuholele ithimba lezobunhloli eThekwini.
Bathole imoto, okukholakala ukuthi ibisetshenziswa ababulali bale ntokazi eneminyaka engu-30 ubudala, endaweni yokukhanda izimoto esePhoenix, enyakatho yedolobha.
Abaseshi sebekhiphe izithombe zabasolwa, okungamadoda amabili abawachaze njengayingozi.
OLUNYE UDABA: “Ubonakala engenankinga nokuba sejele umama kaJoshlin Smith”
UMongalo uthathwe enxanxatheleni yezitolo eGoli ngeSonto ntambama, ngemuva kokulungiselela ukukhishwa kwakhe yindoda eyaziwa ngegama lika-‘John’.
Isidumbu sakhe satholwa esikhathini esingaphansi kwamahora amabili eLombardy West.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, u-Athlenda Mathe, uthi uphiko lwabo lwe-Anti kidnapping unit lulandele abasolwa besuka endaweni yokuhlala eseGoli eKew, elibangise emzini womunye wabasolwa KwaMashu.
“Imoto yabasolwa, i-VW polo itholwe kamuva endaweni yokusebenza i-panel beater ePhoenix. Ngesikhathi ihlolwa ongoti bamaphoyisa i-SAPS, imoto ibinegazi ngaphakathi.
“Kuboshwe ikhehla okukholakala ukuthi lingumnikazi wemoto kodwa sisathungatha amadoda amabili okukholakala ukuthi ayathinteka ekubulaweni kuka-Olorato.”
UMathe uthi manje sekugxilwe ekutheni batholakale.
“Sithungatha uFezile Ngubane noPhilangenkosi Sibongokuhle Makhanya. Laba bathathwa njengabantu abayingozi, futhi umphakathi uyaxwayiswa ukuthi ungasondeli kubo.”
Uma bebonakala, cela kushayelwe ucingo uBrigadier Nama ngokushesha ku-082 778 9035.
[OLORATO MURDER] Police have traced the VW polo used in Olorato MONGALE’S murder. The vehicle was found with traces of blood inside at a panelbeater workshop in Phoenix, Durban. The owner of vehicle is arrested. We looking for Fezile Ngubane & Philangenkosi Sibongokuhle Makhanya pic.twitter.com/GUZX2j5Pku
— Athlenda Mathe (@AthlendaM) May 28, 2025
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit
