UJomo Sono uxwayisa iChiefs ngokungabathengi abadlali

Isikhulu esiphezulu eqenjini leJomo Cosmos egijima kwi-ABC Motsepe League eGoli, uJomo Sono useveze ubungozi obungase behlele iKaizer Chiefs emnyakeni ezayo uma ingafuni ukuguqula isimo enza ngaso sokungabathengi abadlali abasezingeni.

USono uthi uma iChiefs ingakulungisi lokhu impela izoshabalala njengeMoroka Swallows eyayidume ngebhola elisezingeni kodwa konke lokho kwaphelela emoyeni.

OLUNYE UDABA: Kubhekwe isinqumo seKaizer ngoNabi

USono ukhulume kanje, iKaizer Chiefs iphinde yahluleka ukungena kwiTop 8 okwesibili amasizini elandelana. Uyasho uSono ukuthi iChiefs inayo imali kodwa uyaxakeka uma ebona lekilabhu ihluleka ukuthenga abadlali abasezingeni.

UJomo uphinde wathi njengamanje ikilabhu esahamba phambili la eNingizimu Afrika iMamelodi Sundowns okuvezile ukuthi isizwa ukuthi abadlali abasezingeni iyakwazi ukubathola yingakho izidlela izicoco.

.Ngasohlangothini lwayo iJomo Cosmos enomlando omude ebholeni lakuleli kubonakala sekunzima ukuthi lekilabhu ibuye esigabeni esiphezulu njengoba nakhona izinto zimapeketwana kwi Motsepe league.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit