
ISizekhaya Holdings iklonyeliswe ngeLayisense ye-Lotto Kazwelonke kanye ne-Sports Pool.
USizekhaya ungene esikhundleni se-Ithuba Holdings, obekuyiyo ebiphethe iLotto kusukela ngo-2015.
Ilayisense yamanje ye-Ithuba iphelelwa yisikhathi ekupheleni kukaMay.
Izinkampani eziyisishagalombili bezifake izicelo zelayisensi yesivumelwano sezigidigidi zamarandi.
Ekuqaleni, uNgqongqoshe Wezohwebo, Izimboni nezokunNcintisana, uParks Tau, wayehlose ukukhipha ilayisensi yesikhashana yonyaka owodwa.
OLUNYE UDABA: URamaphosa uthi izingxoxo zohwebo zeSA neUS ‘zibuyela esimeni’
Kodwa omunye wabafake izicelo uphikise isinqumo enkantolo wathi inkampani engudadewabo ye-Ithuba kuphela ebinengqalasizinda edingekayo ukuze ifaneleke.
INkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng icheme nomfakisicelo yayalela uTau ukuthi amemezele umnikazi welayisensi omusha ungakadluli umhlaka-28 May 2025.
USizekhaya unikezwe ilayisensi yeminyaka eyisishiyagalombili, kodwa akucaci ukuthi le nkampani izoqala nini ukusebenza kulandela ukuthatha izintambo ku-Ithuba.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEditEditEdit
