
UMnyango wezeMfundo eGauteng uthi ukuboshwa kwamantombazane ayisikhombisa asolwa ngokushaya enye intombazane engmfundi waseBedfordview High School kumele kube yisifundo kwezinye iziqhwaga.
Abafundi baseBedfordview High, iKensington High School, iQueens High School nasePhoenix College, baboshwe ngemuva kokusabalala kwe-video ekhombisa iqulu lamantombazane ehlasela isisulu ezinkundleni zokuxhumana.
OLUNYE UDABA: Bayavela enkantolo abafundi abangu-7 ngelokuhlasela omunye
UMnyango uthi abasolwa abayisikhombisa bamisiwe emsebenzini kanti kulindeleke ukuthi bavele okwesibili eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesithathu.
Umuntu ngamunye ubhekene necala lokushaya.
Okhulumela uMnyango, uSteve Mabona, uthe isizulu nabenzi bokubi bathola ukwelulekwa ngokwengqondo.
“Siluqalile uhlelo lokweseka isisulu futhi singakuqinisekisa ukuthi usebuyele esikoleni, ngoba saqala ngokumluleka ngokwengqondo kodwa futhi, angeke sibashiye ngaphandle abenzi bobubi. Ngoba kuyadingeka ukuthi sizisondeze kubo nabo bathole ukwelulekwa ngokwengqondo. Lezi yizingane futhi siyisikhungo sokuthuthukisa. Asigxilile kuphela kuhlelo lwezifundo; siphinde sisize nangokukhulisa izingane.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
