
Isikhulu esiphezulu kwiDurban City, uFarook Kadodia, uthi konke usekubeke kubadlali bakhe njengoba leliqembu selisalelwe umdlalo owodwa ngaphambi kokuthi kugoqwe isizini yeMotsepe Foundation Championship ngeSonto.
IDurban City isidinga iphuzu elilodwa ngaphambi kokuthi ingene kwiBetway Premiership.
OLUNYE UDABA: IMamelodi Sundowns isingompetha abasha beBetway Premiership
UKadodia, uthi uyakholelwa kakhulu kubadlali bakhe kanti futhi unethemba lokuthi umqeqeshi weCity uSimo Dladla azikho izinguquko eziningi azozenza kulo mdlalo njengoba ufana nowamanqamu, kwazise iqembu abazodlala nalo iCape Town Spurs nayo idinga amaphuzu ukuze ikwazi ukuzivikela kwizembe kanti futhi izobe idlalela ekhaya.
Kumdlalo wangeSonto ubhekwe ngabantu abaningi njengoba kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka ka-2023 iDurban City isabizwa ngeMaritzburg United ngaleso sikhathi yagengcwa yizembe ngemuva kokuba idliwe yiCape Town Spurs.
NgeSonto kubhekwe ukuthi iCity kube iyona ezokwehlisa iSpurs esigabeni esiphansi se-Abc Motsepe League.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
