OWE DURBAN CITY UJABULISWA INDLELA IZINTO EZIHAMBA NGAYO EQENJINI

Umqeqeshi we Durban City uSimo Dladla usezwakalise okukhulu ukujabula ngendlela izinto ezihamba ngayo kwiDurban city,ezika Simo Dladla zisanda kuwashisa ijezi iTs galaxy kumqhudelwano weNedbank cup last 16 njengoba leliqembu selizibekisele indawo Kuma quarter final nalapho lizogadulisana khona ne Marumo Gallants.

IDurban city izinto zibahambela kahle nakwi Motsepe foundation Championship njengoba kwibona abahlezi phezulu kwiligi, kanti kusasa leliqembu izotholana ne Baroka fc kumdlalo weligi, uMngabadeli uyasho ukuthi uphithene ikhanda ngabadlali bakhe abakhombisa ukuzinikela enkundleni njengoba ethi ugcine engazi ukuthi ebophele bani eskimini.

Kubadlali abagqamile kwiDurban city nabakhombisa ukudlondlobala esingabala Mbuso Mdakane, Saziso Magawana, Lindokuhle Conco, Kanye no Joslin Kamatuka

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)