Kudutshulwe kwabulawa abantu abangu-8 eMlazi

Kudutshulwe kwabulawa abantu abayisishiyagalombili emijondolo yaseMlazi esigcemeni sakwa-U, eningizimu yeTheku.

Kubukeka sengathi izisulu ezingamadoda ayisithupha nabesifazane ababili beziphuza ndawonye.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa umshayeli wetekisi kwalimala abagibeli eKZN

Imbangela yokudubula ayikacaci okwamanje kodwa ulwazi lokuqala luveza ukuthi akusona isigameko sokubamba inkunzi.

Amaphoyisa asendaweni yesigameko kanti uphenyo luyaqhubeka.

eNCA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *