Uzobonakala okokugcina uRiviero ebhentshini lePirates kusasa

Iqembu le-Orlando Pirates seliqinisekise izindaba zokuthi uJose Riveiro uzobonakala okokugcina osukwini lwakusasa uma leli qembu selitholene phezulu neGolden Arrows emdlalweni we Betway Premiership, eMoses Mabhida Stadium.

URiveiro bekulindeleke eyiqede yonke imidlalo esele, kanti uMandla Ncikazi ongumsizi walomqeqeshi uyena ozohola ezimnyama kuze kuphele isizini.

OLUNYE UDABA: Zibophele kanje izinkunzi zaseSoweto kowamanqam eNedbank Cup

Khonamanjalo, uRiveiro useveze ukuthi umdlalo ubaphike kusukela uqala ngesikhathi beshaywa omkhaya babo iKaizer Chiefs.

URiveiro, uthi ukuthola iphenathi kwaMakhosi kubacindezelile abadlali bakhe kodwa bakwazile ukuthi bebuye, kulo mdlalo.

“Ubenzima kakhulu kubadlali bakhe ngoba sibe sincane kakhulu isikhathi lapho khona ezakhe zibambe ibhola,” kusho uRiveiro.

Andile “Andizo” Mthembu

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *