Kuboshwe abantu abahlanu kowamanqamu weNedbank Cup eMabhida ngamacala ahlukene

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ushayele ihlombe amaphoyisa nazo zonke izinhlaka zomthetho ngokuqinisekisa ukuthi kuphephile ngesikhathi somdlalo wamanqamu weNedbank Cup obuphakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo wangomhlaka-10 May 2025.

Ngosuku lomdlalo kuboshwe abasolwa abahlanu ngamacala ahlukene okwephula umthetho.

Abasolwa ababili baboshelwe ukudayisa ngokungemthetho amathikithi osuku lomdlalo, abanye abasolwa ababili baboshelwe ukuhlasela inkundla, okuphambene nomthetho iSafety at Sports and Recreational Events Act (Act No.2 of 2010), kanti umsolwa oyedwa waboshwa ngokundizisa icamera (drone) emaphethelweni enkundla. Uma sekucutshungulwe abasolwa bazobhekana nengalo yomthetho.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Isimo siqashwe ngeso lokhozo eMabhida

ULieutenant General Mkhwanazi ubonge ngokukhethekile la maphoyisa ezinhlaka ezahlukene zomthetho asebenze kusukela ekuseni kwaze kwaba sebusuku ukuze aqinisekise ukuphepha kwawo wonke umuntu obeyingxenye yalo mbukiso webhola. Uphinde washayela ihlombe ithimba labahleli ebeliholwa yiPhini likaKhomishana wesiFundazwe u-Major General Phumelele Makoba obehlezi ekhona kwi-Venue Operational Centre (VOC) ukuze anikeze umkhombandlela, umhlahlandlela kanye nobungcweti bokusebenza

“Isifundazwe saKwaZulu-Natal siyakwazi ukuvikela izakhamuzi nezivakashi. Ukuze umcimbi omkhulu osezingeni eliphezulu njengalo we-Soweto derby ufinyelele esiphethweni ngaphandle kokukhathazeka okukhulu ngezokuphepha kuwubufakazi bokuthi amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngokusebenzisana nezinye izinhlaka zomthetho ayakwazi ukuhlinzeka ngezokuphepha nokuvikeleka.

“Ngithanda ukukhombisa ukubonga kubalandeli bebhola lezinyawo nabezomthetho abahlonipha ibhola lezinyawo. Abathandi bebhola balishaye indiva ikhwelo lezinhlaka ebezifuna ukudala isiphithiphithi kulo mdlalo. Amaphoyisa azoqhubeka nokuthungatha labo abebebhebhezela udlame ukuze umthetho uzodlala indima yawo,” kusho uLieutenant General Mkhwanazi.

One thought on “Kuboshwe abantu abahlanu kowamanqamu weNedbank Cup eMabhida ngamacala ahlukene

  1. **mitolyn**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *