Kuhlehlile ukulalelwa kwesigwebo sikamama kaJoshlin Smith

Ukuqulwa kwecala lokuthumba uJoshlin Smith kuhlehliselwe umhlaka-23 May eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ukuze adluliselwe eSaldanha Bay.

Umama wentombazane elahlekile, uKelly Smith, Jacquen Appollis kanye noSteveno van Rhyn, batholwa benecala lokuthumba ingane eneminyaka eyisithupha ubudala nokushushumbiswa kwayo ukuze bezothola imali ngayo.

Laba bobathathu bavele kafushane enkantolo namuhla ekuseni.

Intombazane yaduka emijondolo yaseMiddelpos eSaldanha Bay ngoFebruary 2024.

OLUNYE UDABA: Kuzolalelwa isigwebo sikamama kaJoshlin Smith nasolwa nabo

Khonamanjalo, inhlangano engenzi nzuzo, iMissing Children South Africa, ithi kusenethemba lokuthi izovela imininingwane yokuthi ikuphi le ntombazane.

UBianca van Aswegen onguMxhumanisi wenhlangano uthi, “Ngicabanga ukuthi into ebalulekile okufanele siyisuse kuleli cala, okokuqala, isigwebo secala lokushushumbiswa kwabantu ngoba ukushushumbiswa kwabantu kuphezulu eNingizimu Afrika futhi njengoba ngishilo, asikutholi ukushushiswa okuningi ngamacala afana naleli.

” Ngakho-ke, ngicabanga ukuthi lokhu kufanele kube yisifundo kubantu bakuleli. Okubi ukuthi uJoshlin usalahlekile namanje ufuthi ziseningi izingane ezisadukile eNingizimu Afrika.”

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *